Ujeremiya
Izahluko 36:17-23
Ibhayibheli Elingcwele
17Zambuza uBaruki, zathi: “Ake usitshele ukuthi wawaloba kanjani onke lawa mazwi, uwathatha emlonyeni wakhe, na?”
18UBaruki wathi kuzo: “Wawaphumisela onke lawa mazwi kimi ngomlomo wakhe, ngawaloba encwadini ngoyinki.”
19Zase zithi izikhulu kuBaruki: “Hamba ucashe, wena noJeremiya, kungazi muntu lapho nikhona.”
20Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.
21Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawukhipha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wawufunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini.
22Inkosi yayihlezi endlini yobusika ngenyanga yesishiyagalolunye, iziko elivuthayo liphambi kwayo.
23Kwathi lapho uJehudi esefundile amakhasi amathathu noma amane, yawasika ngommese womlobi, yawaphonsa emlilweni oseziko, waze waphela wonke umqulu emlilweni oseziko.