24 Azesabanga, aziklebhulanga izingubo zazo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.
25 O-Elinathani noDelaya noGemariya babekhulekile enkosini ukuba ingashisi umqulu, kepha ayibezwanga.
26 Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.
27 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, inkosi isishisile umqulu namazwi awaloba uBaruki, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, lithi:
28 “Buya, uzithathele omunye umqulu, ulobe kuwo onke amazwi okuqala ayesemqulwini wokuqala, awushisa uJehoyakimi inkosi yakwaJuda.
29 NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe, yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?”
30 Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.