27 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, inkosi isishisile umqulu namazwi awaloba uBaruki, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, lithi:
28 “Buya, uzithathele omunye umqulu, ulobe kuwo onke amazwi okuqala ayesemqulwini wokuqala, awushisa uJehoyakimi inkosi yakwaJuda.
29 NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe, yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?”
30 Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.
31 Ngiyakumjezisa yena nenzalo yakhe nezinceku zakhe ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, naphezu kwabakhileyo eJerusalema, naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikukhulume ngabo, bengalalelanga kodwa.’ ”
32 UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBaruki umbhali, indodana kaNeriya, owaloba kuwo, ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.