4 UJeremiya wayesebiza uBaruki indodana kaNeriya; uBaruki waloba emqulwini wencwadi onke amazwi kaJehova ayewakhulume kuye, ewathatha emlonyeni kaJeremiya.
5 UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: “Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.
6 Hamba wena, ufunde emqulwini owulobileyo, uthathe emlonyeni wami, amazwi kaJehova ezindlebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.
7 Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”
8 UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova.
9 Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye bonke abantu baseJerusalema nabo bonke abantu ababevela emizini yakwaJuda beza eJerusalema, bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova.
10 UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni likaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.