4 UJeremiya wangena, waphuma phakathi kwabantu, ngokuba babengakamfaki etilongweni.
5 Impi kaFaro yayisiphumile eGibithe; lapho amaKaledi avimbezela iJerusalema ekuzwa, akhuphuka eJerusalema.
6 Lase lifika izwi likaJehova kumprofethi uJeremiya, lithi:
7 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje enkosini yakwaJuda eyanithuma kimi ukubuza kimi, nithi: ‘Bheka, impi kaFaro ephume ukunisiza iyakubuyela eGibithe, izwe lakubo.
8 AmaKaledi ayakubuya, alwe nalo muzi, awuthathe, awushise ngomlilo.’
9 “Usho kanje uJehova, uthi: Ningazikhohlisi ngokuthi: ‘AmaKaledi ayakusuka nokusuka kithi;’ ngokuba awayikusuka.
10 Ngokuba noma benichithile impi yonke yamaKaledi elwa nani, kwaze kwasala abantu abagwaziweyo bodwa phakathi kwabo, bona bebeyakuvuka, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, bawushise lo muzi ngomlilo.”