20 Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.
21 Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:
22 Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi:“ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile,bakwahlula;kepha lapho izinyawo zakhezishone exhaphozini,babuyele emuva.’
23 “Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”
24 USedekiya wayesethi kuJeremiya: “Makungabikho muntu owazi lawa mazwi, funa ufe.
25 Uma izikhulu zizwa ukuthi ngikhulumile nawe, bese zifika kuwe, zithi kuwe: ‘Ake usitshele okukhulumileyo enkosini, ungasifihleli khona, asiyikukubulala, nalokho inkosi eyakukhuluma kuwe,’
26 uyakuthi kubo: ‘Nganxusa enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.’ ”