9 Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.
10 Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.
11 UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:
12 “Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.”
13 UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela,
14 bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.
15 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya esavalelwe egcekeni letilongo, lithi: