14 Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho,kuphume ububi,ukuze usindiswe.Koze kube nini imicabango yakhoemibi ihlala phakathi kwakho na?
15 Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani;lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.
16 “Khumbuzani izizwe;bhekani, nizwakalise eJerusalemaukuthi kufika abavimbezeli abaphuma ezweni elikude;baliphakamisa izwi labo ngakuyo imizi yakwaJuda.
17 Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke,ngokuba lingihlubukile,” usho uJehova.
18 “Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu;lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu;ifinyelele enhliziyweni yakho.”
19 Zibilini zami, zibilini zami,nginobuhlungu enhliziyweni yami;inhliziyo yami ikhala phakathi kwami,anginakuthula,ngokuba ulizwile, mphefumulo wami,izwi lecilongo,ukuhlatshwa komkhosi wempi.
20 Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa,ngokuba izwe lonke liyachithwa.Amatende ami ayachithwa masinyane,nezilenge zami ngokuphazima kweso.