20 Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa,ngokuba izwe lonke liyachithwa.Amatende ami ayachithwa masinyane,nezilenge zami ngokuphazima kweso.
21 Koze kube nini ngibona ibhandela,*ngizwe izwi lecilongo, na?
22 “Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi;bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda;bahlakaniphele ukwenza okubi,kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”
23 Ngabuka umhlaba;bheka, wawuyize, wawungenalutho,nezulu lalingenakukhanya.
24 Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;onke amagquma anyakaza.
25 Ngabuka;bheka, kwakungekho muntu;izinyoni zonke zezulu zazibalekile.
26 Ngabuka;bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehovanaphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.