24 Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;onke amagquma anyakaza.
25 Ngabuka;bheka, kwakungekho muntu;izinyoni zonke zezulu zazibalekile.
26 Ngabuka;bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehovanaphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.
27 Ngokuba uJehova usho kanje, uthi:“Izwe lonke liyakuba yincithakalo,kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.
28 Umhlaba uyakhala ngalokhu,izulu phezulu limnyama,ngokuba ngikukhulumile,ngikuhlosile, ngingazisolanga;futhi angiyikubuya kukho.”
29 Umuzi wonke uyabalekangenxa yomsindo wabamahhashinowabemicibisholo;bayangena ezihlahleni,bakhuphukele emadwaleni;imizi yonke ishiyiwe,akakho ohlala kuyo.
30 Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na?Noma wembatha okubomvu,noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide,noma ugqaba amehlo akho ngomuthi,uzenza muhle ngeze;izithandwa zakho ziyakudelela,zifuna ukukubulala.