3 Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi:“Qathani umqatho wenu,ningatshali phakathi kwameva.
4 Zisokeleni kuJehova,nisuse amajwabu ezinhliziyo zenunina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema,funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo,kuvuthe, kungabikho ongakucima,ngenxa yobubi bezenzo zenu.
5 “Khulumani kwaJuda,nizwakalise eJerusalema, nithi:‘Bethani amacilongo ezweni,’nimemeze nithi:‘Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.’
6 Misani ibhanela* elibheka ngaseSiyoni,nibaleke ningemi,ngokuba ngiyakuletha okubi kuvelengasenyakathonokubhujiswa okukhulu.”
7 Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo,umchithi wezizwe uyeza;uphumile endaweni yakheukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo,ichithwe imizi yakho,kungabikho ohlala kuyo.
8 Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka,nikhale, nihewule,ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.
9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova,“inhliziyo yenkosi iphelekanye nezinhliziyo zezikhulu;abapristi bayakumangala,abaprofethi bethuke.”