Ujeremiya
Izahluko 41:1-4
Ibhayibheli Elingcwele
1 Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.
2Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.
3U-Ishmayeli wabulala nabo bonke abaJuda ababe naye uGedaliya eMispa, namaKaledi, amadoda empi ayefunyanwa khona.
4Kwathi ngosuku lwesibili esembulele uGedaliya, kungaziwa muntu,