1 Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe, ababehlala eMigidoli, naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lathi:
2 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo
3 ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.
4 Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’
5 Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.
6 Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.
7 “Manje usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nenzelani lokhu okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yenu, ninqume kini abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo phakathi kukaJuda, nize ningashiyelwa nsali,