Ujeremiya
Izahluko 44:13-19
Ibhayibheli Elingcwele
13Ngiyakubajezisa abahlala ezweni laseGibithe, njengalokho ngilijezisile iJerusalema, ngenkemba, nangendlala, nangesifo,
14kungaphunyuki, kungasali muntu ensalini yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona ukubuyela ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuba ihlale khona, ngokuba akuyikubuya muntu, abaphunyukileyo bodwa.”
15Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:
16“Izwi olikhulume kithi egameni likaJehova asiyikulilalela.
17Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu, sishisele inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, njengalokho senzile, thina nawobaba, namakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.
18Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, siswele konke, siqedwe ngenkemba nangendlala.
19 “Lapho sesishisela inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, siyenzela amaqebelengwane anesithombe sayo, siyithululelele iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu, na?”