16 “Izwi olikhulume kithi egameni likaJehova asiyikulilalela.
17 Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu, sishisele inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, njengalokho senzile, thina nawobaba, namakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.
18 Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, siswele konke, siqedwe ngenkemba nangendlala.
19 “Lapho sesishisela inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, siyenzela amaqebelengwane anesithombe sayo, siyithululelele iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu, na?”
20 UJeremiya washo kubantu bonke, kwabesilisa nakwabesifazane, kubo bonke abantu abamphendule kanjalo, wathi:
21 “Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?
22 UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.