Ujeremiya 44:23-29 ZUL59

23 Ngokuba niyishisile impepho nangokuba nonile kuJehova, ningalilalelanga izwi likaJehova, ningahambanga ngomthetho wakhe, nangezimiso zakhe, nangobufakazi bakhe, ngalokho le ngozi ihlangabezene nani njenganamuhla.”

24 UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane: “Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enisezweni laseGibithe.

25 Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu, nakugcwalisa ngezandla zenu, nathi: ‘Siyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa.’ Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.

26 Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”

27 Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.

28 Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengaba yingcosana ngomumo; yonke insali yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.

29 “ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kini,’ usho uJehova, ‘ukuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.’