14 “Yazisani eGibithe,nizwakalise eMigidoli,nizwakalise naseNofi naseThahipanesi,nithi: ‘Suka ume, uzilungise,ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’
15 Abanamandla bakho bakhukhulelweni na?Abemanga, ngokuba uJehova wabahlohloloza.
16 Wakhubekisa abaningi,yebo, bawa omunye phezu komunye,bathi: ‘Sukani,sibuyele kubantu bakithinasezweni lokuzalwa kwethu,sisuke enkembeni ecindezelayo.’
17 Bamemeza khona, bathi:‘UFaro inkosi yaseGibithe ungumsindo,udlulisile isikhathi esimisiweyo.’
18 “Kuphila kwami,” isho iNkosiegama layo linguJehova Sebawoti,“impela njengeThabori phakathi kwezintaba,nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.
19 Zenzele izinto zokuthunjwa,ndodakazi, ohlala eGibithe,ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo,lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.
20 “IGibithe liyisithokazi esihle kakhulu,kepha kuvela isibawu enyakatho, sesifikile.