10 “Makaqalekiswe owenza umsebenzikaJehova ngokunganakekeli,aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.
11 “UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe,uphumulile enhleseni yakhe,kathululwanga ezitsheni ngezitsha,akayanga ekuthunjweni;ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye,nephunga lakhe aliguquki.
12 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayoabayakumthambeka,bazithulule izitsha zakhe,baziphohloze izimvaba zakhe.
13 UMowabi uyakujabha ngoKemoshi,njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele,ithemba labo.
14 “Ningasho kanjani ukuthi:‘Singamaqhawenamadoda anamandla okulwa’ na?
15 Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile,izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,”isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.
16 “Ingozi kaMowabi iseduze ukufika,usizi lwakhe lushesha kakhulu.