15 Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile,izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,”isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.
16 “Ingozi kaMowabi iseduze ukufika,usizi lwakhe lushesha kakhulu.
17 Nina nonke enimzungezayo manimkhalele;nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi:‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla,udondolo oluhle!’
18 “Yehla ebukhosini bakho,uhlale womile,ndodakazi, ohlala eDiboni,ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe,achithe izinqaba zakho.
19 Yima endleleni,uqaphele wena ohlezi e-Aroweri,ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi:‘Kwenze njani na?’
20 UMowabi ujabhile, uphelile amandla;hhewulani, nikhale,nikwazise e-Arinoniukuthi uMowabi uchithiwe.
21 Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa:iHoloni, neJahasi, neMefahati,