22 neDiboni, neNebo,neBeti Dibilatayimi,
23 neKiriyatayimi, neBeti Gamuli,neBeti Mehoni,
24 neKeriyote, neBosira,nemizi yonke yezwe lakwaMowabiekude noma eseduze.
25 Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.
26 “Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova;uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.
27 U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na?Wafunyanwa phakathi kwamasela,njengokuba, lapho ukhuluma ngaye,unikina ikhanda, na?
28 Shiyani imizi,nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi,nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.