8 Umchithi uyakufikela yonke imizi,akuyikuphunyuka muzi;isigodi siyakuchithwa,ithafa liqothulwe,njengalokho uJehova eshilo.
9 Nikani uMowabi amaphiko,ngokuba uyakundiza, aphume;imizi yakhe iyakuba yincithakalo,kungabikho osahlala kuyo.
10 “Makaqalekiswe owenza umsebenzikaJehova ngokunganakekeli,aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.
11 “UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe,uphumulile enhleseni yakhe,kathululwanga ezitsheni ngezitsha,akayanga ekuthunjweni;ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye,nephunga lakhe aliguquki.
12 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayoabayakumthambeka,bazithulule izitsha zakhe,baziphohloze izimvaba zakhe.
13 UMowabi uyakujabha ngoKemoshi,njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele,ithemba labo.
14 “Ningasho kanjani ukuthi:‘Singamaqhawenamadoda anamandla okulwa’ na?