16 Ukwesabeka kwakho kukudukisile,ukuziqhenya kwenhliziyo yakho,wena ohlezi emifantwini yamawaubambe isiqongo sentaba;noma wakha isidleke sakho njengokhozi,ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
17 “U-Edomi uyakuba yisimangaliso,kumangale yilowo nalowo odlula kuye,ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18 Njengasekuchithweni kweSodoma neGomoranemizi yangakhona,” usho uJehova,“akuyikuhlala muntu khona,nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
19 “Bheka,njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,iye endaweni eyinqaba,ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo;nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,ngokuba ngubani onjengami,ngubani onginqumelayo,ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
20 Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehovaasinike ngo-Edomi namaceboawacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi:Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.
21 Ngomsindo wokuwa kwaboumhlaba uyazamazama;ngukukhala okumsindo wakhouzwakele ngaseLwandle Olubomvu.
22 Bheka,onjengokhozi uyakhuphuka, andize,elulele amaphiko akhe kulo iBosira;izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomiziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.