2 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempingeRaba labantwana bakwa-Amoni;liyakuba yincithakalo,imizi yalo ishiswe ngomlilo,u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.
3 “Hhewula, Heshiboni,ngokuba i-Ayi lichithekile,nikhale, madodakazi aseRaba,nibhince izindwangu zamasaka,nilile, nigijime phakathi kwezintango,ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni,abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.
4 Uzidumiselani ngezigodi,isigodi sakho esichichimayo,wena ndodakazi ehlubukayo,othemba engcebeni yakho ngokuthi:‘Ngubani ongehlela mina, na?’
5 Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,“luvela kubo bonke abakuzungezayo,nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,kungabikho obutha ababalekileyo.
6 “Kepha ngasemuva ngiyakubuyisaukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.
7 Ngo-Edoni.Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Akusekho ukuhlakanipha eThemani na?Amasu aphelile kwabaqondileyo,ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
8 Balekani, nibuye,nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani,ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawungesikhathi sokumhambela kwami.