26 Ngalokho izinsizwa zawoziyakuwa ezitaladini zalo,nawo onke amadoda empiayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.
27 “Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”
28 NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.Usho kanje uJehova, uthi:“Sukani, nikhuphukele eKedari,nichithe abantwana basempumalanga.
29 Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha,bazithuthele izilenge zabo,nazo zonke izimpahla zabo,namakamela abo,bamemeze kubo, bathi:‘Luvalo nxazonke.’
30 “Balekani, nizulazulele kude,nihlale ezigoxininina bakhileyo eHasori,” usho uJehova,“ngokuba uNebukadinesari,inkosi yaseBabelewenze amasu ngani,waceba amacebo ngani.
31 “Sukani,nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo,esihlala ngokulondeka,” usho uJehova,“esingenazicabha nemigoqo,sakhe sodwa.
32 Amakamela aso ayakuba yimpango,nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa.Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke,bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,ngehlisele phezu kwaboizingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.