31 “Sukani,nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo,esihlala ngokulondeka,” usho uJehova,“esingenazicabha nemigoqo,sakhe sodwa.
32 Amakamela aso ayakuba yimpango,nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa.Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke,bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,ngehlisele phezu kwaboizingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.
33 “IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhankanencithakalo kuze kube phakade;akuyikuhlala muntu khona,nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”
34 Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:
35 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Bheka,ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu,okokuqala kwamandla abo.
36 Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamuimimoya emine emikhawulweni yomine yezulu,ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya,kungabe kusabakho sizwelapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.
37 Ngiyakwenza ukuba i-Elamu liphele amandlangaphambi kwezitha zalonaphambi kwabafuna ukuphila kwabo,ngibehlisele okubi,ukufutheka kwentukuthelo yami,” usho uJehova,“ngithume inkemba emva kwabo,ngize ngibaqede.