9 Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini,abayikushiya umkhothozo;namasela ebusukuabeyakuchitha aze aneliswe.
10 Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu,ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha;inzalo yakhe ichithekile,nabafowabo, nabakhelwane bakhe,yena abe engasekho.
11 Shiya izintandane zakho,mina ngiyakuziphilisa,abafelokazi bakho bethembe kimi.”
12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
13 Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”
14 Ngizwile imibiko evela kuJehova;kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi:“Buthanani, nilihlasele,nisukele ukulwa.”
15 “Ngokuba bheka,ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe,udelelwe phakathi kwabantu.