1 “Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema,nibone nazi,nicinge ezigcawini,uma ningafumana umuntu,uma kukhona owenza ukwahlulela,ofuna iqiniso;bese ngilithethelela.
2 Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’nokho bafunga amanga.”
3 Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na?Ubashayile, kepha abadabukanga;ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa;benza lukhuni ubuso babo kunetshe,bala ukuphenduka.
4 Ngase ngithi mina:“Laba bayizimpofana nje,bayiziwula,ngokuba abayazi indlela kaJehova,ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.
5 Sengiyakuya kwabakhulu,ngikhulume nabo,ngokuba bona bayayazi indlela kaJehovanokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;”kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye,bazigqabulile izibopho.