15 Bhekani,ngiyakwehlisela phezu kwenuisizwe esivela kudenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova;“yisizwe esinamandla, yisizwe esidala,yisizwe ongazi ulimi lwaso,nongezwa lokhu abakukhulumayo.
16 Isambo sabo sinjengethuna elivulekileyo,bangamaqhawe bonke.
17 Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho,badle amadodana akho namadodakazi akho,badle izimvu zakho nezinkomo zakho,badle imivini yakho nemikhiwane yakho,bachithe ngenkemba imizi yakhoebiyelweyo othemba kuyo.
18 “Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo.
19 Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’
20 “Memezani lokhu endlini kaJakobe,nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:
21 Yizwani lokhu nina bantueniyiziwula neningenakuqonda,eninamehlo, ningaboni kodwa,eninezindlebe, ningezwa kodwa.