18 “Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo.
19 Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’
20 “Memezani lokhu endlini kaJakobe,nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:
21 Yizwani lokhu nina bantueniyiziwula neningenakuqonda,eninamehlo, ningaboni kodwa,eninezindlebe, ningezwa kodwa.
22 Aningesabi yini,” usho uJehova,“anithuthumeli phambi kwami,mina engibeke isihlabathisibe ngumkhawulo wolwandle,umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na?Noma lugubha, alunakuwahlula;noma luduma, alunakudlula kuwo.
23 Kepha laba bantu banenhliziyoeyambukileyo nehlubukileyo;bambuka, bahamba.
24 Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi:‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethuonika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo,asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’