24 Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi:‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethuonika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo,asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’
25 Ububi benu buchezukisile lokhu,nezono zenu zinenqabele okuhle.
26 “Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi,baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni,babeke ugibe,babambe abantu.
27 Njengendlwana yezinyoni igcwele zona,kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso;ngalokho bakhulile, bacebile.
28 Bakhuluphele, bayacwebezela;yebo, bayadlula ezintweni zobubi;abameli ukulunga,abameli izintandane ukuba zihlahlamele,nemfanelo yabampofu abayahluleli.
29 Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.“Umphefumulo wamiawuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
30 “Okumangalisayo nokwesabekayokuyenziwa ezweni.