26 “Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi,baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni,babeke ugibe,babambe abantu.
27 Njengendlwana yezinyoni igcwele zona,kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso;ngalokho bakhulile, bacebile.
28 Bakhuluphele, bayacwebezela;yebo, bayadlula ezintweni zobubi;abameli ukulunga,abameli izintandane ukuba zihlahlamele,nemfanelo yabampofu abayahluleli.
29 Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.“Umphefumulo wamiawuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
30 “Okumangalisayo nokwesabekayokuyenziwa ezweni.
31 Abaprofethi baprofetha amanga,abapristi babusa eceleni kwabo;abantu bami bayakuthanda kanjalo,kepha niyakwenze njani ekupheleni na?