3 Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na?Ubashayile, kepha abadabukanga;ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa;benza lukhuni ubuso babo kunetshe,bala ukuphenduka.
4 Ngase ngithi mina:“Laba bayizimpofana nje,bayiziwula,ngokuba abayazi indlela kaJehova,ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.
5 Sengiyakuya kwabakhulu,ngikhulume nabo,ngokuba bona bayayazi indlela kaJehovanokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;”kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye,bazigqabulile izibopho.
6 Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya,babhujiswe yimpisi yasehlane,ingwe iyiqamekele imizi yabo,badatshulwe bonke abaphuma kuyo,ngokuba iziphambeko zabo ziningi,nokuhlehla kwabo kwandile.
7 “Ngingakuthethelela kanjani na?Abantwana bakho bangishiyile,bafunga okungesibo onkulunkulu.Ngabafungisa, kepha baphinga,babuthana endlini yezifebe.
8 Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo;yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.
9 Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.“Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?