7 “Ngingakuthethelela kanjani na?Abantwana bakho bangishiyile,bafunga okungesibo onkulunkulu.Ngabafungisa, kepha baphinga,babuthana endlini yezifebe.
8 Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo;yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.
9 Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.“Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
10 “Khuphukelani ezingangeni zalo,nilichithe,ningaliqedi ngokupheleleyo nokho;susani amagatsha alo,ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.
11 Ngokuba indlu ka-Israyeli nendlu kaJudazingikhohlisile nokungikhohlisa,” usho uJehova.
12 Zimphikile uJehova, zathi:“Hhayi yena!Okubi akuyikusehlela,asiyikubona inkemba nendlala.
13 Abaprofethi bayakuba ngumoya,akakho okhulumayo kubo;kuyakwenziwa kanjalo kubo.”