12 unyoko uyakujabha kakhulu,owangizalayo ayangaze;bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe,ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.
13 Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu,kepha liyakuba yincithakalo lonke;bonke abadlula eBabele bayakumangala,bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.
14 “Zihleleleni iBabele nxazonkenina nonke eninsala umnsalo,nicibishele kulo,ninganqandi imicibisholo,ngokuba lonile kuJehova.
15 Memezani kulo nxazonke;lizinikele, izisekelo zalo ziwile,izingange zalo zidiliziwe,ngokuba kuyimpindiselo kaJehova;phindiselani kulo,nenze kulo njengokwenza kwalo.
16 Nqumani umhlwanyeli eBabelenobamba isikela ngesikhathi sokuvuna;ngenxa yenkemba ecindezelayoyilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe,yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.
17 “U-Israyeli uyimvu ezingelwayo;izingonyama zimxoshile.Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya,nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele,ugedlile amathambo akhe.”
18 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Bheka,ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo,njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.