18 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Bheka,ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo,njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.
19 Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe,aklabe eKarmeli naseBashani,umphefumulo wakhe waneliswe ezintabenizakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.
20 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,“kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli,akuyikubakho, nezono zakwaJuda,kepha aziyikufunyanwa,ngokuba ngiyakubathethelelaengibashiya ukuba babe yinsali.
21 “Khuphukela ezweni laseMeratayimi,*kulona nakwabakhileyo ePhekodi,*uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova,wenze konke engikuyale ngakho.
22 Kukhona umsindo wokulwa ezweninowencithakalo enkulu.
23 Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke,yeka ukwenziwa kweBabeleincithakalo phakathi kwezizwe!
24 Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi;wafunyanwa, wabanjwa,ngokuba ulwile noNkulunkulu.