21 “Khuphukela ezweni laseMeratayimi,*kulona nakwabakhileyo ePhekodi,*uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova,wenze konke engikuyale ngakho.
22 Kukhona umsindo wokulwa ezweninowencithakalo enkulu.
23 Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke,yeka ukwenziwa kweBabeleincithakalo phakathi kwezizwe!
24 Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi;wafunyanwa, wabanjwa,ngokuba ulwile noNkulunkulu.
25 UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali,ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe,ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiinomsebenzi ezweni lamaKaledi.
26 Lifikeleni nivele emkhawulweni,nivule izinqolobane zalo,nilinqwabele libe yizinqwaba,niliqede nya, kungasali lutho kulo.
27 Hlabani zonke izinkunzi zalo;mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona!Ngokuba usuku lwazo lufikile,isikhathi sokuhanjelwa kwazo.