26 Lifikeleni nivele emkhawulweni,nivule izinqolobane zalo,nilinqwabele libe yizinqwaba,niliqede nya, kungasali lutho kulo.
27 Hlabani zonke izinkunzi zalo;mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona!Ngokuba usuku lwazo lufikile,isikhathi sokuhanjelwa kwazo.
28 Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabeleukuba bamemeze eSiyoniimpindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu,impindiselo ngethempeli lakhe!
29 “Bizani abacibishelayo,balwe neBabele,bonke abansala umnsalo,nimise nxazonke zalo,lingabi nophunyukayo,niliphindisele njengezenzo zalo,nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo,ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.
30 Ngalokho izinsizwa zaloziyakuwa ezitaladini zalo,nawo onke amadoda alo empiayakunqunywa ngalolo suku,” usho uJehova.
31 “Bheka,ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,“ngokuba usuku lwakho lufikile,isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.
32 Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe,angabi naye omvusayo;ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe,udle konke okumzungezayo.”