30 Ngalokho izinsizwa zaloziyakuwa ezitaladini zalo,nawo onke amadoda alo empiayakunqunywa ngalolo suku,” usho uJehova.
31 “Bheka,ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,“ngokuba usuku lwakho lufikile,isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.
32 Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe,angabi naye omvusayo;ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe,udle konke okumzungezayo.”
33 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJudabacindezelwe kanyekanye;bonke ababathumbileyo bababamba,abavumi ukuba bahambe.
34 Kepha umkhululi wabo unamandla,nguJehova Sebawoti igama lakhe;uyakumela nokumela indaba yaboukuba aphumuze umhlaba,anyakazise abakhileyo eBabele.
35 “Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova,naphezu kwabakhileyo eBabele,naphezu kwezikhulu zalo,naphezu kwezihlakaniphi zalo.
36 Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga,babe yiziwula,inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo,aphele amandla.