42 Babamba umnsalo nomkhonto;banonya, abanamusa;izwi labo liduma njengolwandle;bakhwele amahhashi,behleliwe njengabantu abayakulwa nawendodakazi yaseBabele.
43 Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo,izandla zayo zaba buthakathaka;usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.
44 Bheka,njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma,ngibagijimise, basuke kuyo;nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,ngokuba ngubani onjengami,ngubani onginqumelayo,ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
45 Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehovaasinike ngeBabele namaceboawacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi:Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,basuswe impela,ikhaya labo limangale ngabo.