5 Bayakubuza indlela yaseSiyoni,ubuso babo bubhekene nalo, bethi:Wozani nizihlanganise noJehovangesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.
6 “Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo;abelusi babo babadukisile,babazulazulisa ezintabeni,basuka entabeni, baya egqumeni,bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.
7 Bonke ababafumanayo babaqeda;abamelene nabo bathi:‘Asitholi icala;ngokuba bonile kuJehova,ikhaya lokulunga,ithemba lawoyise, uJehova.’
8 “Balekani eBabele,niphume ezweni lamaKaledi,nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.
9 Ngokuba bheka, ngiyakuvusa,ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu,livela ezweni lasenyakatho,lizihlelele lona, linqotshwe lapho;imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo,elingabuyi ze.
10 IKalideya liyakuba yimpango;bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.
11 “Noma nithokoza,noma nijabula nina baphangi befa lami,noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza,niyiyizela njengamahhashi anamandla,