8 “Balekani eBabele,niphume ezweni lamaKaledi,nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.
9 Ngokuba bheka, ngiyakuvusa,ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu,livela ezweni lasenyakatho,lizihlelele lona, linqotshwe lapho;imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo,elingabuyi ze.
10 IKalideya liyakuba yimpango;bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.
11 “Noma nithokoza,noma nijabula nina baphangi befa lami,noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza,niyiyizela njengamahhashi anamandla,
12 unyoko uyakujabha kakhulu,owangizalayo ayangaze;bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe,ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.
13 Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu,kepha liyakuba yincithakalo lonke;bonke abadlula eBabele bayakumangala,bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.
14 “Zihleleleni iBabele nxazonkenina nonke eninsala umnsalo,nicibishele kulo,ninganqandi imicibisholo,ngokuba lonile kuJehova.