11 “Lolani imicibisholo,nibambe izihlangu.UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya,ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe,ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova,impindiselo ngethempeli lakhe.
12 Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele,niqinise umlindo, nimise abalindi,nihlele abaqamekeli,ngokuba uJehova ukuhlosile,futhi wakwenza lokho owakukhulumakwabakhileyo eBabele.
13 Wena ohlala ngasemanzini amakhulu,nonengcebo eningi,sekufikile ukugcina kwakho,isilinganiso sokuhaha kwakho.
14 UJehova Sebawoti uzifungile wathi:Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi,bayakuhalalisa nokho ngawe.
15 “Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
16 Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.
17 “Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi,bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.