17 “Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi,bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.
18 Ziyize, zingumsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
19 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke,yebo, nesizwe sefa lakhe;nguJehova Sebawoti igama lakhe.
20 “Uyizembe lami nezikhali zokulwa;ngiyaphahlaza izizwe ngawe,ngawe ngiyachitha imibuso,
21 ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo,ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;
22 ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane,ngiphahlaze ngawe abadala nabasha,ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;
23 ngiphahlaze ngawe umalusi nomhlambi wakhe,ngiphahlaze ngawe umlimi namabhanga akhe,ngiphahlaze ngawe izinduna nababusi.