19 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke,yebo, nesizwe sefa lakhe;nguJehova Sebawoti igama lakhe.
20 “Uyizembe lami nezikhali zokulwa;ngiyaphahlaza izizwe ngawe,ngawe ngiyachitha imibuso,
21 ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo,ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;
22 ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane,ngiphahlaze ngawe abadala nabasha,ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;
23 ngiphahlaze ngawe umalusi nomhlambi wakhe,ngiphahlaze ngawe umlimi namabhanga akhe,ngiphahlaze ngawe izinduna nababusi.
24 “Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu,” usho uJehova.
25 “Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova,“wena ochitha wonke umhlaba;ngiyakwelulela isandla sami kuwe,ngikugingqe emadwaleni,ngikwenze intaba eshisiweyo.