22 ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane,ngiphahlaze ngawe abadala nabasha,ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;
23 ngiphahlaze ngawe umalusi nomhlambi wakhe,ngiphahlaze ngawe umlimi namabhanga akhe,ngiphahlaze ngawe izinduna nababusi.
24 “Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu,” usho uJehova.
25 “Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova,“wena ochitha wonke umhlaba;ngiyakwelulela isandla sami kuwe,ngikugingqe emadwaleni,ngikwenze intaba eshisiweyo.
26 Abayikuthatha kuweitshe legumbi netshe lesisekelo,ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade,” usho uJehova.
27 “Misani ibhanela* ezweni,nibethe amacilongo phakathi kwezizwe,ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo,nilibizele imibuso yase-Ararati,naseMini, nase-Ashikenaze,nibeke phezu kwalo umphathi wempi,nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.
28 Lingcweliseleni izizwe,amakhosi aseMediya,nezinduna zalo, nababusi balo,nalo lonke izwe elibuswa yibo.