24 “Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu,” usho uJehova.
25 “Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova,“wena ochitha wonke umhlaba;ngiyakwelulela isandla sami kuwe,ngikugingqe emadwaleni,ngikwenze intaba eshisiweyo.
26 Abayikuthatha kuweitshe legumbi netshe lesisekelo,ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade,” usho uJehova.
27 “Misani ibhanela* ezweni,nibethe amacilongo phakathi kwezizwe,ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo,nilibizele imibuso yase-Ararati,naseMini, nase-Ashikenaze,nibeke phezu kwalo umphathi wempi,nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.
28 Lingcweliseleni izizwe,amakhosi aseMediya,nezinduna zalo, nababusi balo,nalo lonke izwe elibuswa yibo.
29 Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele,ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emiokuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo,kuze kungabikho ohlala khona.
30 Amaqhawe aseBabele ayekile ukulwa,ahlala ezinqabeni zawo;amandla awo aphelile, anjengabesifazane;izindlu zalo zishisiwe,imigoqo yalo yaphuliwe.