35 “Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yamimabube phezu kweBabele,”makasho njalo owakhileyo eSiyoni.“Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya;”malisho njalo iJerusalema.
36 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakumela indaba yakho,ngikuphindisele,ngishise ulwandle lwalo,ngomise umthombo walo.
37 IBabele liyakuba yizinqwaba,nendawo yokuhlala kwamakhanka,nencithakalo, nento encimfelwayo,kungabikho ohlala khona.
38 Bayabhonga kanyekanye njengezingonyama,bakhale njengamabhongo ezingonyama.
39 Sebevuthile, ngiyakubenzela idili,ngibadakise ukuze baquleke,balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.
40 “Ngiyakubehlisela ekuhlatshweni njengamawundlu,njengezinqama nezimpongo.
41 “Yeka ukunqotshwa kweSheshakinokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba!Yeka ukwenziwa kweBabeleisimangaliso phakathi kwezizwe!