38 Bayabhonga kanyekanye njengezingonyama,bakhale njengamabhongo ezingonyama.
39 Sebevuthile, ngiyakubenzela idili,ngibadakise ukuze baquleke,balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.
40 “Ngiyakubehlisela ekuhlatshweni njengamawundlu,njengezinqama nezimpongo.
41 “Yeka ukunqotshwa kweSheshakinokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba!Yeka ukwenziwa kweBabeleisimangaliso phakathi kwezizwe!
42 Ulwandle lukhuphukele iBabele,lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.
43 Imizi yalo ichithekile;yizwe elomileyo, nehlane,izwe elingahlalwa muntu,kungadluli kulo indodana yomuntu.
44 Ngiyakuhambela uBeli eBabele,ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo;izizwe azisayikugobhozela kuye,ugange lwaseBabele luyakuwa.