40 “Ngiyakubehlisela ekuhlatshweni njengamawundlu,njengezinqama nezimpongo.
41 “Yeka ukunqotshwa kweSheshakinokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba!Yeka ukwenziwa kweBabeleisimangaliso phakathi kwezizwe!
42 Ulwandle lukhuphukele iBabele,lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.
43 Imizi yalo ichithekile;yizwe elomileyo, nehlane,izwe elingahlalwa muntu,kungadluli kulo indodana yomuntu.
44 Ngiyakuhambela uBeli eBabele,ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo;izizwe azisayikugobhozela kuye,ugange lwaseBabele luyakuwa.
45 “Phumani phakathi kwalo,bantu bami,nizikhulule, kube yilowo nalowoekufuthekeni kwentukuthelo kaJehova.
46 Izinhliziyo zenu mazingadangali,ningesabi imibiko ezwakalayo ezweni,lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka,bese kufika emva kwawo omunyengomnyaka olandelayo,kube ngubudlova ezweni,umbusi avukele umbusi.