48 Bese kuqhumuka izulu nomhlaba,nakho konke okukukho,ngokuhlabelela ngeBabele,ngokuba abachithi bayakumfikelabevela enyakatho,” usho uJehova.
49 “Yebo, neBabele limelwe ukuwa,nina babuleweyo bakwa-Israyeli,njengalokho iBabele laliwelwa ngababuleweyo bomhlaba wonke.
50 Nina eniphunyukile enkembeni hambani,ningemi;khumbulani uJehova nisekude,iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.
51 “Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba;amahloni asibekela ubuso bethu,ngokuba abafokazi bangenileezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.”
52 “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho ngiyakuzihambela izithombe zalo ezibaziweyo,ababulawayo babubule ezweni lonke lalo.
53 Noma iBabele likhuphukela ezulwini,yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla,kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.
54 “Ngumsindo wokukhala ovela eBabele,nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKaledi,